Latest News Editor's Choice


Entertainment / Music

1ns and 2s with DJ-Sticha - Know your Song Mondays

by DJ-Sticha
04 Apr 2016 at 11:56hrs | Views
Njengenjwayelo mahlabezulu sesiphinde sahlangana njalo ngoMvul' obomvu enqubweni yethu ehlanganisa abalandeli nobaculi endaweni eyodwa up-close and personal, kuleplartform njalo ngoMvulo uthola ithuba lokuthi uchazelwe kabanzi ngengoma eyodwa eyaqotshwa ngumculi wakho omthandayo ayichaze amagama wayo ukuthi ashoni njalo wayibhala ngesehlakalo esamvelela noma ubhala ngento nje ayibona ekuhambeni kuphilwa emhlabeni.

Namhlanje ke asiphindele eZhwane, eTsholas, eTsholotsho phansi le koSusumane laph' esithola khona umculi kaMaskandi uKeith "Do It" Nkomo neqembu lakhe abafana bakaMzilikazi besichazela ngengoma yabo ethathwe kwidlalade labo elithi "Intandane", lengoma ingunumber 3 kuleyo album njalo ibizwa ngesihloko sale album Intandane.

"Lengoma sayibhala ngoba sibona kugcwele izintandane kakhulu uthola ukuthi abantu bayabahleka laba abantu abanye ababasizi ngalutho uma kuyikuthi kukhona abanakho abangabasiza ngakho. Nginokubheka nokuthi uyathola umuntu esenza into embi egcina esebhema, esentshontsha, esesenza into ezimbi emphakathini hayi ngoba okunye eloyiwe or esenza ngamabomu kodwa kuyithi uyabe engoswelayo engena muntu ozomsiza sebona kungcono antshontshe or abheme izidakamiswa ngoba esengodelileyo ngempilo yakhe.Kasigqugquzeli ukuthi zenze kanjalo izintandane kodwa sizama ukukhuthaza abantu ukuthi uma kungabe kukhona phakathi kwenu ohluphekile, msize kusasa kuyizolo sengakusiza loyo muntu omkhuphe ekuhluphekweni. Kunzima njalo uma uyintandane ungena zihlobo sezikulahlile ukuthi uyabe uzobikela bani uma unenkinga, njalo kulengoma sizama ukuxwayis' abantu ukuthi bengabahleki abantu abaswelayo nabafana nalaba futhi ababhema izidamiswa ezifana nenyawupe noma iwunga ababasize ekutheni baphume kuleyanto ngoba umuntu ngumuntu ngabantu. Ngiyacela njalo kubobaba ukuthi bengalahl' ingane zabo ngoba kuba lusizi umtwana uma ezophila ngokucela uyise ephila esidl' amabele egqoka impahla ezibizayo ehamba ngemoto zikanokusho".

Nanso ke ivideo yalengoma Intandane by Abafana bakaMzilikazi, ijabulele.



Masicobelane ngolwazi, masikhulisane emculweni.

Xhumana naBafana baMzilikazi la:

Facebook: Abafana bakaMzilikazi
Cell Number:+27 78 6860 715

Uma ungumculi nawe ufuna ithuba lokuchazela abalandeli ngengoma yakho kulo lolu uhlelo lwe "Know your song Mondays", bhalela uSticha i email uthumele ku keithphakathi@gmail.com unike abalandel' ithuba lokuba bakwazi kangcono.

Source - DJ-Sticha