Latest News Editor's Choice


News / Africa

Kubabhedele abebezama ukugebenga abazalwane

by news24
03 Sep 2014 at 08:42hrs | Views

Johannesburg - Kushintshe uhlelo ngesikhathi izigebengu ebezizama ukugebenga abazalwane ngemuva kwenkonzo zibafuna imali nomakhalekhukhwini, zishaywa.

Kuthiwa kusuke isidumo kwangathi abazalwane bebevele bezicuphile lezi zigebengu, bazititinya.

Lesi sigameko senzeke ngabo-20:00 ngoMsombuluko eBerea, eGoli, kubika iThe Star.

Omunye wabazalwane uThuso Siziba uthe kuphazamiseke inkonzo isiyophela ngesikhathi lezi zigebengu ebeziphethe isibhamu zingena ngendlov'iyangena kuleli bandla lase-Assemblies of God.

USiziba uthe abazalwane bese belungiselela ukugoduka ngesikhathi kuqhamuka lezi zigebengu eziyalele ukuthi kunganyakazi muntu.

USiziba uthi omunye wabazalwane ukwazile ukuphuca isigebengu isibhamu, kwaba ongaphansi ongaphezulu, ekugcineni waphumelela.

Uthi abazalwane babe sebesina bezibethela kulaba ngenduku.

Owamaphoyisa uSergeant Mduduzi Zondo, okhulumela amaphoyisa aseHillbrow, ukuqinisekisle ukuboshwa kwamadoda amabili nokutholakala kwesibhamu.

Source - news24