Latest News Editor's Choice


News / Local

U-Oskido uzobopha elikasofasilahlane

by Staff reporter
03 Dec 2012 at 12:18hrs | 4115 Views
Umculi, nophinde asebenze ngokuklwebha amapuleti noyisikhulu seKalawa Jazzmee, u-Oscar "Oskido" Mdlongwa, uthi usekulungele manje ukuba yindoda yomndeni.

U-Oskido uthi akaboni ukuthi kungani kumele alinde ekutheni ashade isiphalaphala sakhe seminyaka, uKibi, kulandisa iSunday World.

Balengane bobabili.

Bake bahlukana isikhathi eside ngesikhathi u-Oskido ethandana nomculi uChristina "Tina" Fezile.

"Angizisoli ngamaphutha engawenza empilweni yami, ngoba angifunde kakhulu. Konke esidlula kukho kwenzelwa ukusicija," esho umntaka Mdlongwa.

U-Oskido uzobe esema okwesibili phambi kukamfundisi enza izifugo, njengoba wake washada noSanah ngaphambilini. Bahlukanisa ngo-2005.

Source - Sunday World
More on: #Oskido
Join the discussion
Loading comments…

Get the Daily Digest