Latest News Editor's Choice


Opinion / Columnist

Washonaphi uMzac'omnyama?

20 Jul 2021 at 05:29hrs | Views
Ngiyabingelela Mthwakazi kaMzilikazi, Mthwakaz omnyama, ondlela zimhlophe iinduku zibomvu.

Lombhalo ngiwubhala nje kungumbuzo engiwubhekise kumaNtungwa akwaSokhumalo okungabantu bakoKhumalo isibongo ngemva kokubana namhlanje lapha ebulenjini, Twitter, ngihlangane lomqhafazo obukhuluma ngehawu leSilo sakoMabindzela, iNkosi uLobengula okuthiwa lifanekisiwe kwesinye sezakhiwo zomlando eNgilandi. Ngizibuze ngathi kuyini okubalulekile phakathi kokubuyiselwa kubanikazi kwalelo hawu lokwazi iqiniso ngokunyamalala kweSilo.

MaKhumalo ngibuza ukuthi lamfihlaphi uMzac'omnyama, iSilo uLobengula wamaWaba, uMakhobolondo, uNgwalongwalo kaMashobane?

Lith'ihubo esakhula silizwa lihutshwa, nathi esesilihuba lapha la laphaya ezindaweni nas'ezinhlanganweni ezahlukahlukene:

"Kudala kwakungenje, umhlab'uyaphenduka,
Kwakubus'uMambo loMzilikazi.

Safika kuTshangane, saguqa ngamadolo, iNkosi uLobengula was'enyamalala.

Kwasekusin'izulu was'enyamalala".

Lengoma ngamafishane ikhuluma ngokuth'isizwe sagcina lapho ukubon iSilo sakoBulawayo ngamehl enyama nganeno komful' uTshangane andubana iwele iyengaphesheya kwawo. Umlando usitshel ukuthi lokhu kwenzeka ngonyaka wawo 1893-1894 ngemva kokubana ondlebezikhany'ilanga behlasel isizwe basinqoba bathumb isigodlo sakwaBulawayo. Yebo kuyezwakala ukuthi wanyamalala, okuyikuthi isizwe sabesifungiswa ukubana singazesabatshel ondlebe ukuthi iNkosi iyephi.
Kuyazwisiseka lokho okwalesoskhathi ngoba phela izinj ezimhlophe zazimfuna efile okaMzilikazi.

Namhlanje ngonyaka ka 2021 siyazi ukuthi akekh umuntu okuthiwa uyanyamalala, ikakhulu iNkosi engaka elodumo olukhul'emhlabeni jikelele. Siyazi ukuthi iNkosi yakhothama, okuwukuthi wedlul'emhlabeni noma wafa ngokolimi olujwayelekile.

Engifun'ukukwazi, nengithemba isizwe sonke samaHlabezulu sifun ukwazi, ukuthi kwenzekanjani ukuthi ngemva kweminyaka ewu 127 kusaqhubeka sitshelwa kuthiwe akwaziwa laph iSilo satshalwa/fihla/ngcwatshwa khona? Kuloluchwepheshe olungaka esiphila phakwathi kwalo eminyakeni yanamhlanje akwenzeki ukuthi anikwazi ukulusebenzisa loluchwepheshe idlinza litholakale. Namhlanje maKhumalo nimatasa nithi selagcob'iNkosi enguMntwana uBulelani kube lithi alazi lapho kwaphelela khona onguyena intonga kaMzilikazi kaMashobane yasala kuyena. Idluliselwa kanjani komunye intonga umoya womphathiswayo ungabuyiswanga?

Ukwenza kwenu lokh enikwenzile phela kuchaz'ukuthi niyamazi watshalwaphi uMzac'omnyama. Kuchaz'ukuthi ningabezindlu zikaMzilikazi, ningabendlu kaLobengula nawenza umsebenzi namlanda nambuyisa uMakhobolondo.

Engikucelayo, ngingebani kodwa nginguMthakazi, ngicel ukuthi nitshel isizwe, nisilayele ukuthi idlinza leNkosi likuphi nezwe. INkosi ayiyona eyamaKhumalo kodwa ngeyethu thina sizwe.

Ngiyakholwa ukuthi akumina ngedwa ocela lokho ukuze sikwazi ukuyabhong emswaneni kodwa ngicabanga ukuthi isizwe sonke siyafisa ukukwenza lokho.

Nxa maKhumalo kuwukuthi niyaqhubeka nithi anilazi idlinza likaMakhobolondo, umbuzo uthi nambuyisa kanjani ukuze nibenegunya lokuthi ligcoba uMntwana uBulelani ubukhosi? Nxa kuwukuthi animbuyisanga nigunyazwa kuyini njalo ukuqoka enye iNkosi eskhundleni sikaNgwalongwalo?

Phela kuzamele nikhumbule ukuthi ukubuyiswa komoya wongasekho emhlabeni, kwenzelwa ukuthi umoya wakhe ungadungezel izwe lonke ufunana nekhaya lapho ozabalidlozi lalelokhaya, likhusele abantwana balelokhaya. Nxa lokho kungenziwanga ngendlela ephelele eyesintu ngeke izinto zalelokhaya zilihambele kahle. Thina sizwe seSilo yithina abantwana beSilo ngoba iNkosi iyiNkosi yethu. Ikhaya leSilo yizwe labeThwakazi. Yebo unguKhumalo uMzac'omnyama kodwa ungaphezu kobuKhumalo ngoba engubaba wesizwe sabeThwakazi.

Okucacayo maKhumalo okuvezwa yikudungezela kwesizwe nokungaphumeleli kwaso ekuzikhululeni kulencindezi esiphila ngaphansi kwayo ukuthi kukhon eningakwenzanga kahle noma enisfihlela khona.

Ingabe kungobani ngempela nisifihlela idlinza nxa nilazi. Izizwe zonke emhlabeni wonke lo ungaka ayaziwa amadlinza wamaKhosi azo. Idlinza leMbabala siyalazi, iminyaka yonke siyaya eMhlahlandlela siyebungaza impilo yombumbi wesizwe. Khona nje lapha komakhelwane kwaZulu, kusukela kuMnguni uz'uyefika kuSilo uZwelithini amadlinza esizweni sikaZulu awayon imfihlo, ngaseSwatini ngokufanayo.

Kambe kuyini ngedlinza likaMakhobolondo okukhulu kangaka okwenza lifihlwe, amaKhumalo akhethe okuyongena ezindlini zabo zokugcina engalivezelanga isizwe?

Ngiyaphinda njalo maNtungwa akwaSokhumalo, lamfihlaphi uMzac'omnyama?

Source - Nkonzo Mathanda
All articles and letters published on Bulawayo24 have been independently written by members of Bulawayo24's community. The views of users published on Bulawayo24 are therefore their own and do not necessarily represent the views of Bulawayo24. Bulawayo24 editors also reserve the right to edit or delete any and all comments received.