News / Africa
Izinkomo zikaZuma zidla i-KFC
16 Jun 2014 at 16:24hrs | Views

Pretoria - UMengameli uJacob Zuma uphila impilo yobukhazikhazi ekubeni intsha yakuleli isosizini, kusho umholi we-DA ePhalamende uMmusi Maimane ngoMsombuluko.
"Nihlezi nitshelwa ukuthi kunokuthile okwenziwayo ukuthuthukisa iNingizimu Afrika. Yikuphi osekwenziwe? Izwe lifukulwa liyiswa ekutheni intsha ingaqashwa, idle izidakamizwa bese ibhuqwa yindlala?" kubuza uMaimane embuthaneni obuseSoshanguve, enyakatho nePitoli.
"Ikuphi imisebenzi, mengameli Zuma? Njengoba thina sidonsa kanzima la, izinto zibuthebelele eNkandla. Izinkomo zakhe zidla i-KFC."
"Uma uneminyaka engu-18 ubudala, amathuba okuthi uthole umsebenzi aya ngokuncipha ngaphansi kwalo hulumeni obusayo njengamanje.
"Kuleli sonto uZuma uzokwethula inkulumo ebhekiswe esizweni. Ngifuna asitshele ukuthi imisebenzi ayekhuluma ngayo izoqhamuka kuphi.
"Ngiphonsela umengameli inselelo yokuthi ayeke ukucasha emzini wakhe onethoyilethi legolide, achaze ngokwenzeka kulungiswa iNkandla," kuqhuba uMaimane.
Source - Sapa