Opinion / Columnist
Ndebele kingship takes another twist - umbiko esizweni sika Mthwakazi
29 Oct 2018 at 07:26hrs | Views
Sanibona sizwe sikamthwakazi kwaBulawayo, nina benkanyamba emakhandakhanda uMzilikazi kaMashobane Khumalo nomdabuli wesizwe sonke. Sicela ukwazisa isizwe samahlabezulu ukuthi kunendlu endala endlini yesilo uLobhengula kaMzilikazi eseMgunguNdlovu uma kuwukuthi isizwe besingakaziswa ngayo lendlu.
Kahle kahle sizwe sikaMashobane lendlu ivela ngaphansi kwendlu yomntwana osakhothama uNyamande. Lendlu esikhuluma ngayo yindlu yendodana endala owayaziwa ngokuthi uStanely, ka Sibongosibi, kaNyamande, kaLobhengula, kaMzilikazi kaMashobane.
Thina esibhalayo sizalwa kuyo lendlu. Thina sizalwa endlini ka mkhulu esasi mazi ngo Stanely futhi abanye bebemazi ngo Mabgwa, futhi abanye bemazi ngoXhoko okungukuthi asiwazanga amagama akhe akubo kahle kahle. Ngoba nesibongo sakhe sasingasazi kahle hle, ngoba wafike ezibiza ngoNdlovu kuthe kusuka waye sethi ungu Ncube. Ngokuzihlupha ngemvelaphi yakithi siyathola ukuthi umkhulu uzalwa ebukhosini bamaNdebele kwaKhumalo. Wabaleka kubo phakathi ko 1940 no 1950 ngenxa yezimpi nangenxa yombango wobukhosi wase ezifihla phakathi kwesibongo sasemaNcubeni okwaku ngesona esakhe, ngoku sabela impilo yakhe, waphelela eningizimu Afrika KwaZulu Natal, eMgungundlovu.
Umkhulu wazalwa ngo November 1922 wakhothama ngo 1970. Phakathi kwabafowabo ayenabo wayebala umfowabo u Albert beno Rhodes ababehlukene ngezindlu kodwa ethi abafowabo. U Albert ayexoxa ngaye kakhulu wakhothamela e Cape Town ngase Port Alizabeth ngama 1956 kuya ku 1957. Umkhulu watshalwa abantu bakwa Khumalo, bamenzela netshe futhi idlinza lakhe likhona siyalazi.
Umkhulu wafika lapha wathi kogogo bethu wayezofuna umsebenzi. Waveza futhi kogogo ukuthi wabaleka kubo, esekhethelwe nonkosikazi owayezalwa ebukhosini bumbe umkhulu angazange abudalule. Umkhulu uma exoxa kugogo kuthiwa kubo babe bizwa ngommusi. Kanti umkhulu wathi uma efika lapha ezintombini ahlangana nazo ugogo uma Hadebe wasebukhosini base Mahlutshini, kube wugogo uka Madlala wase bukhosini bakwa Madlala e Greytown, kube wugogo uma Sithole, kube uma Ndwandwe. Zikhona nezinye izingane zikamkhulu esingazazi ngoba ubenenzalo eningi kakhulu. Umkhulu ube eseganwa yinkosazane yasebukhosini baseMahlutshini kwa Hadebe eNtabamhlophe.
Kuyasicasula ukukhishelwa ngaphandle kwendlu yasebukhosini noma bekhona asebeyazi lendlu kodwa isizwe asitsheliwe into ebaluleke ngalendlela.okusixaka kakhulu ukuthi kunabantu abaze bafika ekhaya bezobona yona lendlu endala ngo Ndasa (April) kulonyaka. Kepha sasizitshela ukuthi bazohambisa umbiko esizweni ukuthi kutholakale indlu endala endlini endala yesilo uMakhobolondo uLobhengula wezamawaba eMgungundlovu, kodwa kuze kube imanje ziyaqhubeka izinto kwelikaMthwakazi nesizwe asiyazi lendlu kamkhulu umntwana wendlu yesilo uLobhengula. Kunalokho sithola ukuthi kunabantu abazibekayo njenga makhosi bebe beyishiya ngaphandle nalendlu endala yasendlunkulu.
Kuyavela futhi ukuthi bakhona abantu besizwe abaziyo ukuthi ukhona owaphelela emzansi ezalwe kuyo indlu yesilo uLobhengula futhi nabo basaxakekile ukuthi kungani ingavezwa lendaba yayo lendlu.
Ngendlela ekwenzeka ngayo izinto uma silandelela, sibona indaba yendlu yethu icindezelwa yize sesizivezile kodwa akekho oseke wabikela isizwe njengoba kwenzeka kwezinye izindlu ukuthi eMgungundlovu kutholakale abantwana basebukhosini endlunkulu yakaKhumalo endlini yesilo uLobhengula kaMzilikazi. Sicela iphephandaba ukuthi lisilekelele ekuphenyeni ekuthini kungani lendlu yakithi ifihlwa esizweni, futhi kungathulwa kanjani isizwe singaziswa ngayo lendaba. Sivulelekile uma kunemibuzo kungaxhunywana nephephandaba siyabonga.

Source - Lucky Khumalo
All articles and letters published on Bulawayo24 have been independently written by members of Bulawayo24's community. The views of users published on Bulawayo24 are therefore their own and do not necessarily represent the views of Bulawayo24. Bulawayo24 editors also reserve the right to edit or delete any and all comments received.