Opinion / Columnist
Amathiphu asekamelweni bosisi!
11 Sep 2014 at 13:25hrs | Views
Cape Town - Izindawo eziningi kuleli zikhala ngamakhaza ashubisa umkhantsha. Ukuhlasela kwamakhaza ungakwenza kukusebenzele, ukusebenzise njengethuba lokunika isithandwa sakho ucansi olumnandi.
Mnike ekuseni evuka:
Amadoda amaningi aphaphama evukelwe. Ngaphambi kokuthi aqale usuku lwakhe, mnike into ezomenza noma esesemsebenzini alokhu ecabanga ngawe nento omenze yona evuka.
Uma ubenganakile ukuthi usuphapheme, mfake isandla ubucuze induku yakhe.... asithembe akalali egqoke i-anda.
Uma umuzwa engathi uyaquma, ungabe usamyeka qhubeka impela ukhwele kuye umnike wena wonke ngesineke kodwa ungenzi isikhathi eside kuze uzomshiya enenxano.
Mvusele imizwa emini esasemsebenzini:
Ithi uqhuba umsebenzi emini ube umthumelela izithombe zakho ezi-sexy. Ungazithwebula ekuseni engaboni bese umthumelela emini umkhumbuze lokhu azokuthola uma ebuya ekhaya. Uma ubuya kuqala kunaye, mthumelele umlayezo umtshele ukuthi uqeda ukugeza, unuka kahle futhi usulinde yena.
Mtshele ukuthi angeke udle engakafiki ngoba awazi kahle noma uhalela ukudla yena noma ukudla lokhu okuphekile.
Akabingelelwe uwe uma ebuya
Ngesinono nangothando, mbingelele ube umthinta isifuba uma esengena endlini. Ngqoka i-gown enhle noma ingubo eyenza kubonakale ukuthi akunzima ukufinyelela la okade umyengela khona kusukela emini.
Akathi engena ube umlungisela amanzi bese umhlalisa umlinde esageza. Cela ukumbucunga, esikhundleni salokho uhambise kamnandi izandla zakho emhlane wakhe nasemqaleni. Sebenzisa kakhulu izandla ungajahi ukusebenzisa umlomo.
Mgijime ngolimi ephuma emanzini
Uma ephuma emanzini, ungamvumeli ukuthi asule geqe, mgijime umzimba wonke ngezandla, yenza ngamawala usebenzise ulimi nomlomo.
Uma kukhona la omthinta khona aqume noma ayobayobe (mhlampe izibele), yazi ukuthi leyo enye yezindawo ekumele uqinise kuzo. Mncikise odongeni umphendulile, umqabule kusuka phansi unyuke naye. Isimo kumele simphoqe ukuthi aphenduke bese umenza okufanayo nangaphambili.
Okokugcina
Thamba umvumele angene wonke amakamelo ngendlela athanda ngayo. Uma wenze kanjalo, nakanjani uyobe umqalise usuku kamnandi waphinde wamphethisa lona kamnandi.
Asihlangane ngokuzayo, abaya ocansini basebenzise amajazi abakhwenyana!!
-------------------
Singaxhumana kuNtombizenele Mtshali noma ku-zanelewakwamtshali@gmail.com
Mnike ekuseni evuka:
Amadoda amaningi aphaphama evukelwe. Ngaphambi kokuthi aqale usuku lwakhe, mnike into ezomenza noma esesemsebenzini alokhu ecabanga ngawe nento omenze yona evuka.
Uma ubenganakile ukuthi usuphapheme, mfake isandla ubucuze induku yakhe.... asithembe akalali egqoke i-anda.
Uma umuzwa engathi uyaquma, ungabe usamyeka qhubeka impela ukhwele kuye umnike wena wonke ngesineke kodwa ungenzi isikhathi eside kuze uzomshiya enenxano.
Mvusele imizwa emini esasemsebenzini:
Ithi uqhuba umsebenzi emini ube umthumelela izithombe zakho ezi-sexy. Ungazithwebula ekuseni engaboni bese umthumelela emini umkhumbuze lokhu azokuthola uma ebuya ekhaya. Uma ubuya kuqala kunaye, mthumelele umlayezo umtshele ukuthi uqeda ukugeza, unuka kahle futhi usulinde yena.
Mtshele ukuthi angeke udle engakafiki ngoba awazi kahle noma uhalela ukudla yena noma ukudla lokhu okuphekile.
Akabingelelwe uwe uma ebuya
Akathi engena ube umlungisela amanzi bese umhlalisa umlinde esageza. Cela ukumbucunga, esikhundleni salokho uhambise kamnandi izandla zakho emhlane wakhe nasemqaleni. Sebenzisa kakhulu izandla ungajahi ukusebenzisa umlomo.
Mgijime ngolimi ephuma emanzini
Uma ephuma emanzini, ungamvumeli ukuthi asule geqe, mgijime umzimba wonke ngezandla, yenza ngamawala usebenzise ulimi nomlomo.
Uma kukhona la omthinta khona aqume noma ayobayobe (mhlampe izibele), yazi ukuthi leyo enye yezindawo ekumele uqinise kuzo. Mncikise odongeni umphendulile, umqabule kusuka phansi unyuke naye. Isimo kumele simphoqe ukuthi aphenduke bese umenza okufanayo nangaphambili.
Okokugcina
Thamba umvumele angene wonke amakamelo ngendlela athanda ngayo. Uma wenze kanjalo, nakanjani uyobe umqalise usuku kamnandi waphinde wamphethisa lona kamnandi.
Asihlangane ngokuzayo, abaya ocansini basebenzise amajazi abakhwenyana!!
-------------------
Singaxhumana kuNtombizenele Mtshali noma ku-zanelewakwamtshali@gmail.com
Source - news24 isizulu.news24.com
All articles and letters published on Bulawayo24 have been independently written by members of Bulawayo24's community. The views of users published on Bulawayo24 are therefore their own and do not necessarily represent the views of Bulawayo24. Bulawayo24 editors also reserve the right to edit or delete any and all comments received.