Opinion / Columnist
Nelson Mandela poem by Thembani Mthembo
08 Feb 2012 at 01:48hrs | Views
Nkonyane yesilo
Mabiz' ububi ngobubi
Mabiz' ubugovu ngobugovu
Mabiz' ubuhle ngobuhle
Mafel' inkululeko yoNsundu,
Mzimb' omanxeba nxeba ngochuku lwabathakathi,
Sibhaxu samabhunu
Sibhaxu sobandezelo
Mbhidlizi wobugovu, mbhidlizi wobandlululo
Bhande lenhlalakahle kaZulu,
Omhlophe kanye loNsundu
Mbhidlizi weNkethabetshabi,
Siziba sophepho sikaZulu.
Mamba yaseRobini
Ehwabhe ngasesiqintini saseRobini,
Kwahwabh' izinanakazana zonke zasendle
Kwahwabh' isibhakabhaka, Kwavulek' amaZulu
Kwahlokom' amanz' eziLwandle zonke zomhlaba,
Izinlwande zonke zab' iMpophoma zaseVitoli
Amanye amanz' aqonsa, amanye enyuka
Izizwe zonke zayiz' ukuhwabha kwayo,
Zonke zaluz' ulaka lwayo,
AmaGumb' aman' omhlab' ahlokoma ngodlame ethi:
Bathakathindini Vulan' amasango eRobin' itshombuluke,
ithol' inkululeko.
Wen' owemukw' ithuba lokwakh' owakho umuzi ngabafo
Bakwemuk' ithuba lokukhulis' ezakho izingane
Bakwemuk' ithuba lokuntshantshaz' uthando kwezakhw'
izingane,
Bakwemuk' iminyaka yobutsha bakho,
Kodwa waxola kunjalo
Wadel' impindiselo
Wadeli inkethabetshabi
Wadel' umvukela,
Phinde abekhona onjengawe,
Phinde futhi.
Lamuhla:
Uyisiphepho sikaZulu
Uyisiphepho sabathakathindini labafo,
Bangaphansi kwawakh' amaphiko
Phinde abekhona onjengawe,
Phinde lafuthi futhi.
Wen' abakukhabe ngezind' izinyawo
Bakuphinda ngezimfutshazanyana
Kodwa zajinge zabuyela kwezab' izisu ngokuphazima kweso
Bawuhlaba bawulawula umkhosi
Wabakhuza ngomthandazo weNdodana othi: Bab' oseZulwini
baxolele kabakwaz' abakwenzayo.
Isimo sakho sikhulu kakhulu singangomhlaba wonke Madiba,
Izizwe zonke zomhlaba zibong' umusa wakho
Uluntu lonke lomhlaba lumangazwa ngowakh' umusa
Zonk' izizwe ziyakuqabuka, zonke zikuphakamisile
Ngoba mdabuko uphakeme.
Zonk' izizwe ziyakuqala, zonke ziyakucina.
Ngek' abekhon' omunye onjengawe
Phinde abekhona futhi,
Phinde lafuthi futhi,
Siyakubonga Sibane soNsundu wonke wonke womhlaba,
Siyakubonga Sibane soLuntu lomhlaba wonke wonke jikelele.
Wena Rolihlahla,
Wen' owaRol' imikhaya ngezandla langezinyawo
Wena Madiba kaZulu
Wena Ngangelizwe kaZulu
Uyesabeka wena,
Ngonyama yesilo.

Source - Thembani Mthembo
All articles and letters published on Bulawayo24 have been independently written by members of Bulawayo24's community. The views of users published on Bulawayo24 are therefore their own and do not necessarily represent the views of Bulawayo24. Bulawayo24 editors also reserve the right to edit or delete any and all comments received.