Latest News Editor's Choice


Opinion / Columnist

Injobo ithungelwa ebandla! Zelaph' insizwa nyanga yeNkosi

06 Jan 2015 at 08:26hrs | Views
Kwakuthi nxa iNkosi seyikhiphe ilizwi lokuthi abafana asebekhula khulile sebengabuthwa, zonke iNduna zazibaqoqa babe liviyo bese ihamba labo iyebethula eNkosini. Bazothi befika esigodlweni abafana bakhe amadlangala duze lomuzi weNkosi. Amadlangala yindlwana eyakhiwa endle eyesikhatshana lapho abalinda khona amabutho. Ngesikhathi besalindile, bayasebenza, bakhe umuzi weNkosi, bewuvuselela lapho ongasalunganga khona, bavuselele lesibaya seNkosi. Ngaphezu kokulungisa umuzi weNkosi amabutho aphoqelekile ukuthi atshiye lawo eyakhe indlu ezobizwa ngegama lawo.

Ngaphezu kokulungisa umuzi weNkosi amabutho ayelima, aze ahlanyele kwesinye isikhathi agcine esevuna lokuvuna ngoba side kakhulu kabi isikhathi esichithwa ekubuthweni. Imvamisa ayesinda ekulimeni ngoba kwakubuthwa ebusika. Ngesikhathi esesigodlweni ukudla kwakusuke kuyinala ngoba amakhosikazi labodadewabo babebalethela ukudla kanye lotshwala kodwa labo babezenzela okunengi.

Ekubuthweni kulapho amadoda ayenikezana imiqondo, kuthiwe athungela injobo ebandla. Ukubuthwa lokhu akusinto nje yokukusinisa amahleza. lzinsizwa namabhungu bayahlutshwa bashaywe kanzima nxa nje benze iphutha elincane. Nxa  izinsizwa zithuke zahitshana zidedelwa udede kuthiwe azishayane zikhiphane inkani. Kuyoze kuphethe ngokuthi enye igobe uphondo. Bebekhabana behlohlolozana kungekho oncenga omunye. Obebaleka ubedindwa ngenduku. Owehlulayo lowehlulwiweyo ubebonakala ngombala. Otshisekayo wayededelwa iqhude lalowo abhongelana laye kuthiwe abatshayane baze badelisane inkani. Onqobile usezothola izibongo khona lapho. Ayephila impilo yezixhwanguxhwangu amabutho. Bekungumsebenzi weNduna ukubabophela ejokweni lomthetho.

Inhloso yalokhu kuphathana ngesihluku bekuyikwakha amabutho aqinileyo, angayisiwona amagwala lemifece. Noma amabutho abeziphatha budedengu langobudlova, iNduna bezikhona ukugcina umthetho ukuze lomcimbi ungaphumi endleleni. Inhloso yokubuthwa bekuyikwandisa amabutho eNkosi. Amabutho kufanele kube ngabantu abaqinileyo, abalesibindi lamandla, kungabi imifece. Yingakho babephathwa kanje ukuze kufezeke lezi zinhloso. Lezintelezi ezisetshenziswa bebuthwa lazo bezingezilumayo, bazinwaye bezinwayile. Inhloso yalokhu kukuba kubenza babe lesibindi njalo balangazelele impi.

Ngesikhathi besalinde emadlangaleni, inyanga yeNkosi ibibasebenza ngentelezi yempi. Le nyanga ayelaphi eminye imizi ngaphandle kokubhekana lokwelapha iNkosi. Ngosuku olukhulu lokubuthwa, inkosi inikeza izinsizwa inkunzi emnyama okuthiwa ngeyemibengo. Le nkunzi iba ngemnyama ngoba inhloso kuwukukhipha isinyama lapha emabuthweni. Le nkunzi ayibulawa ngokugwazwa ngemikhonto kodwa ibulawa ngezandla ngokuthi yephulwe ithambo lentamo. Kufanele kukhumbuleke ukuthi layo inkunzi leyi isuke isikhothiswe imithi lentelezi ezinzima ukuze ingadluli lomunye nxa isibulawa ngoha uma kube njalo kusho ukuthi kukhona abazosala enkundleni. Ngenxa yalesi simo, inyanga ikhipha izinduku zayo zokugcina ukugwema ukuba ingozi ingenzeki.

Lenkunzi yemibengo ihlinzwa ngokukhulu ukushesha nxa iqeda kuwa ukuze kusikwe imidikizo ezothakwa lezintelezi zokuqinisa amabutho. Emva kwalokho inyanga izothatha inyongo iyithake lezintelezi yenze umuthi wokuncinda. Yilelo lalelo butho lifike lincinde bese lithatha iqatha embengweni kuthi  ke ekugcineni besekuncinda yona iNkosi.  Ngalelolanga,  amakhosikazi emizi eseduze aletha utshwala balomkhosi. Kuthi amabutho wona aye ehlathini esiyatheza inkuni zokosa inyama. Yiwo futhi amabutho azobasa umlilo ngasesangweni emathathakusa. Sekuzophuma inyanga lodengezi olukhulu  ithele kulo inyongo yale nkunzi lamacwiyo okukhanda kanye lentelezi yokuncinda.  Amabutho asezofika ancinde qede eqe udengezi bese ethatha iqatha kule mibengo yenkunzi.

Kufanele kukhumbuleke ukuthi alikho ibutho elingenagama ngoba emabuthweni  igama yilo eliqagula iminyaka yomuntu. llanga lokwethiwa kwegama yilo leli elokudliwa kwemibengo ethakiwe eyenkunzi emnyama INkosi iliqamba igama ibutho qede ebese lishuphula inkunzi. Igama lebutho liqanjwa ngezigigaba ezithile emIandweni wenkosi noma kwesinye isikhathi ngezifiso zayo. Lokhu kufakazelwa uMsimang lapho ekhuluma ngokuqanjwa kwebutho leNkosi uSolomoni, elaphiwa ibzo uPhondolwendlovu. Lokhu kwenzeka ngoba ngesikhathi  u "Prince of Wales" ehambele kwaZulu ngo 1925 iNkosi uSolomoni yamupha isipho esilinani elikhulu lamazinyo endlovu, ukuze lokhu kube lesikhumbuzo uSolomoni wabe esebutha uPhondolwendlovu.

Emva kokuncinda amabutho athwala izikhali ekhanda ebese inyanga iwachela ngentelezi yempi. Ibutho liba lesinzizwa ezicela ekhulwini noma ngaphezudlwana. Emva kwalo mcimbi iNkosi itshiya wonke umsebenzi emagxalabeni eNdunankulu yesizwe, ihambe iyoziphumulela Kungalesi sikhathi lapho iNdunankulu ethola ithuba lokulaya amabutho iwatshela ukuthi engalokothi ahlangane labesifazane ngesikhathi esabhekene lalo mshikashika ayoze ababone nxa esephume emadlangaleni. Bayochazelwa ukuthi uma beqe lomyalo intelezi abagezwe ngazo zizophupha  basale enkundleni nxa isibambene impi. Inhlonipho iyaqakathekiswa, kubalulekile ukuthi bahloniphe omncane lomdala, isizwe, iNduna lezinduna zempi.

Emva kokuwalaya amabutho isizowatshela ukuthi azikhethele induna yebutho lokubatshela ukuthi iNkosi ibasikise amahawu anjani. Kufanele kukhumbuleke ukuthi yilelo lalelo butho lilehawu lalo elingefani lelelinye. Lokho ukungafani kwenza  kube lula ukuwahlukanisa njalo ngenxa yokuhloniphana, insizwa ziyakugwema ukubizana ngamagama kodwa zithanda ukubizana ngebutho abakulo. KuveIa elomhlathi ensizweni nxa izwa eyinye iyisika ngebutho ngoba Iokho kuveza ukuthi useyindoda, usedIuIe ebunzimeni obukhuIu kodwa waphumelela.

iNdunankuIu ngesikhathi ilaya amabutho ayikhohIwa ukuwakhumbuza ukuthi yiwuphi umsebenzi wabo. Uyabachazela ukuthi inhIosonqangi yokubuthwa ukuthola abantu abazovikela iNkosi. Ngakho ke iNkosi ingababiza noma yinini ngakho ke kumele bahIaIe belindile ukubizwa nxa iNkosi  isibadinga.  Emva komcimbi wosuku izinsizwa ziyadedelwa ukuthi zizibusise. Ziyagiya, zisine kuqhathwane. Kungalesi isikhathi lapho insizwa zithola khona izibongo, zibongelwa ngontanga, imvamisa abavela esigodini sinye. Noma iNkosi isingasekho ukuthameIa umcimbi kodwa iNduna zisuke zikhona ukuba zibe yilihlo IeNkosi. Insizwa ezihIabanayo ngobuqhawe iNkosi iyazithanda futhi ayigcini ngokuzithanda, iyaye iziklomelise ngokuzinika  inkomo ezithile. Lokhu kufakazelwa uBhengu, (1965:17) Iapho uShiyabantu umfokaNyambose ethola inkunzi esesele yedwa waphawula kanje:

Bonke abantu ababekhona komkhuIu abawuhIanganisanga umIomo bebabaza isibindi sami sokusukela isiIwane esigadala kalula nje. Induna zakubona Iokho. Kwaba sengathi kwakukhona eyayizongixoshisa khona iNkosi ngesibindi sami sobuqhawe engangisibonakalisile. Ngaba yindaba egudwini. INkosi yangibuza ukuthi ngingubani, ngizaIwa ngubani. NgayitsheIa ukuthi nginguShiyabantu, ngizalwa uNosiziIa kaMbobozehluzo wakwaNyambose. INkosi yayimazi ubaba ngoba kwakuyintanga yayo yathi:

"Wena ungokaNosizila ngokusiziIa amadoda nabafazi;
Abasingise enhla nasenzansi.
Usanda sithebeni njengensonyama!
Wo-o-o! Mfana uyihlo ngiyamazi, uyiqhawe ufuze ikhehla
elinguyihlomkhulu uMbobozehluzo - lngungumbane emev' azinsansa,
Usikhumba sehlula abashuki;
Umgwazi kaTikoloshe aziqhaqhele;
Ingani abanye bayaqhaqhelwa
Ngiyabona mfana nawe uzofuza bona oyihlo."

Amazwi eNkosi ayathokozisa, ayagunyaza ukuba amabutho enze izimanga zobuqhawe ukuze iNkosi ibenze babe yinto ethile. lzibongo lezi yizo eziyincwadi yomfana ngoba ukuhlabana kwakhe kuvela khona ezibongweni.
 
----------------
uNteletsha we Kezi yinsizwa egqugquzela ukuvuseselelwa kwamasiko AmaNdebele kaLobengula kaMzilikazi. Ungamthinta ku nteletshawekezi@gmail.com



Source - Nteletsha we Kezi
All articles and letters published on Bulawayo24 have been independently written by members of Bulawayo24's community. The views of users published on Bulawayo24 are therefore their own and do not necessarily represent the views of Bulawayo24. Bulawayo24 editors also reserve the right to edit or delete any and all comments received.