News / National
Bakhale ngokuthi 'mubi' oqokelwe esikaMiss Zimbabwe
29 Apr 2015 at 13:19hrs | Views
Kushukumise izinkundla zokuxhumana ukuqokwa kukaMiss Zimbabwe omusha ozomela leli lizwe kuMiss World njengoba abanye kulezi zinkundla bekhale ngokuthi uqokwe kanjani "emubi kanje", iNews24 iyabika.
U-Emily Kachote oneminyaka engu-25 ubudala uklonyeliwe ngesicoco sokuba nguMiss Zimbabwe emcimbini obuseHarare ngoMgqibelo kanti kulindeleke ukuthi amele iZimbabwe emncintiswaneni kaMiss World.
Ukuklonyeliswa kukaKachote oyiFinancial Adviser kususe izinkulumo ezahlukene ezinkundleni zokuxhumana njengoba abanye bekhale ngokuthi mubi kanti abanye bemvikela.
"Buphi ubuhle? Kungani bengashong ukuthi abamtholanga ozonqoba kulo nyaka?" kubhala omunye kuFacebook.
Iwebsite yezokungcebeleka eZimbabwe edumile i-3-mob.com ibhale yathi:
"Asikho isidingo sokuvikela u-Emily kodwa ngenxa yezithutha kumele simvikele.
U-Emily wenze abaningi abangasoze bakwenza.
Uzinikele wavumela umhlaba wonke ukuthi ube ngamajaji ngaye nokukhombisa ukuzethemba ngendlela abukeka ngayo."

Source - News24